
Owesilisa oneminyaka engu-37 ubudala yaseHalambani Village ngaphandle kwaseThohoyandou, eLimpopo uthi ngemuva kokubona iningi labashadikazi liphetha ngesehlukaniso ngokungagculiseki enkonzweni yasekamelweni.
UGavhi Mulatedzi uthi ugxile ekulekeleleni abantu besilisa abanezinkinga ngomphambili wabo.
UMulatedzi uthi ukuhlanganisa imithi wakufunda kugogo wakhe ongasekho emhlabeni ugogo Tshavhungwe Gavhi owayeyisangoma njengoba esezihlanganisele umuthi wamadoda awubiza ngokuthi yiMaster Powder.
OLUNYE UDABA: Ishonile indoda ewelwe yizimpahla iyotapa ukudla eduze kwaseRichmond eKZN
Uthi lo muthi uhlala egazini isikhathi esiphakathi kwezinyanga ezinhlanu kuya kweziyisishiyagalombili kanti noma iyiphi indoda ephuza lo muthi iyohlezi izizwa iyibhubesi ngesikhathi senkonzo yasekamelweni.
“Kulula ukuwusebenzisa. Ubhoyila amanzi angango-2litre ufake ukhezo olulodwa lomuthi ulinde isikhathi esingangemzuzu ephakathi kwemihlanu kuya kweyishumi bese uyaphuza kusantukuntuku.
“Kufanele wenze isiqiniseko sokuthi uphuza ibhodlela elingu-2litre ngosuku izinsuku ezintathu. Ngemuva kwalokho konke kuyobe sekuhamba kahle ekamelweni,” usho njalo.
UMulatedzi ekhuluma nabeDailySun, uthi ubesekhathele ukuzwa abantu besifazane bekhala ngokuthi amadoda amaningi ango-2 minute noodles embhedeni.
“Bekumele kube khona engikwenzayo ukuze amadoda ezokwazi ukubuyisa isithunzi sawo, aphinde ahlonipheke ekamelweni. Ikhona neminye imithi esiza amadoda ekutheni ayidonse isikhathi esingangemizuzu engu-30 kuya ehoreni inkonzo yasekamelweni, imithi ibanika amandla okuqhubeka isikhathi eside.”
UMulatedzi uthi waqala ukuhlanganisa le mithi kusukela ngonyaka ka-2010 kanti futhi isisize inqwaba yemishado nobudlelwano bothando. Imithi ilekelela amadoda ukuthi azethembe futhi adedele isitswebhu ekamelweni.
Le ndoda iphethe ngokuthi imithi yayo ikwazi nokusiza abantu besifazane uma besesikhathini iphinde ihlanze nesinye somuntu wesifazane. Imithi yakhe ithakwe ngempande kuphela futhi ayigulisi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
