
IPremier Soccer League (PSL) osukwini lwayizolo iqinisekise ukuthi osukwini lwangoMsombuluko kuzodayisa amathikithi omdlalo wamanqamu ophakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, eMoses Mabhida Stadium.
Amathikithi alo mdlalo azobiza uR150 umuntu ngamunye kanti futhi umuntu ngamunye akavumelekile ukuthenga amathikithi angaphezu kwamane.
Amathikithi azotholakala eShoprite naseCheckers.
OLUNYE UDABA: IPirates ithole isibhaxu ngaphambi komdlalo womkhaya
Sekuqubuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bebhola bekhala ngokuthi kungani amathikithi alo mdlalo engabizanga imali engu-R100 njengoba isikhathi esiningi inani lemali elidayisa amathikithi ake eqale ku-R80 noma kube uR100 ngqo.
Abantu bakhala ngokuthi iPSL ihambisa phambili imali kodwa kuyazeka ukuthi iningi labalandeli bebhola alithathi entweni kodwa banothando olukhulu lwebhola.
Kuyaqala ukuthi amathikithi eNedbank cup abize uR150.
Ziningi izinkulumo ezikhona ngokubiza kwamathikithi.
Umdlalo womkhaya uzoqala ngezithuba zabo-15:30 ntambama ngomhlaka-10 May 2025.
2025 #NedbankCupFinal Tickets will start to be on sale as from Monday, 5 May 2025 as from 10h00. #ThamiSoccer pic.twitter.com/HN149clqFE
— ThamiSoccer (@ThamiSoccer) April 30, 2025
– Andile Andizo Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
