
UMnyango wezeMpilo uzwakalise ukukhathazeka ngokwehla kokugoma kuleli, ikakhulukazi ezinganeni.
Izikhulu zithi ukuthandabuza ngokugoma sekuphezulu okuwumkhuba osubonakala e-Afrika yonkana kusukela kubheduka icovid-19.
Ucwaningo lwakamuva olwenziwe yi-World Health Organisation luqinisekisa ukuthi amazwe amaningi ase-Afrika abhekene nokwehla kwezinga lokugoma, okuholela ekwenyukeni kokuqubuka kwezifo ezivikeleka ngokugoma nokufa kwezingane.
Izici ezinomthelela zihlanganisa ukungezwani kwezwe, izinselele zomnotho, nolwazi olungesilo iqiniso oselusabalele.
OLUNYE UDABA: Kunxuswa umphakathi ukuba ugome njengoba kuqala isikhathi somkhuhlane
Umnyango ubambe i-webinar yokubungaza i-Africa Vaccination Week ngoLwesibili.
UDkt Elizabeth Maseti ongumphathi we-Expand Immunisation Programme unikeze ulwazi olusha olumayelana nemikhuba yokugoma.
“Inselelo yethu enkulu, ikakhulukazi ezweni njengamanje isisohlangothini lwesidingo, okusho ukuthi imiphakathi noma abantu abezi ukuzogoma ngoba ezingeni likazwelonke akukona ukuthi asinayo imithi yokugoma. Ngakho, sinesiqiniseko sokuthi imigomo ikhona futhi siyazi ukuthi ezikhungweni ochwepheshe bakhona, kodwa abantu abezi.”
UDkt. Maseti ubike ukuthi senyukile isibalo sezingane ezingagomi.
Ugu, Harry Gwala, Umzinyathi, Amajuba kanye noMgungundlovu zibalwa nezifunda ezihamba phambili kuleli ezinesibalo esiphezulu sezingane ezingagomi.
ITheku linezingaphezu kuka-16 000.
“Futhi uma ubheka ku-2024, zine izifundazwe ezikwazile ukufinyelela esibalweni esibekiwe sokugonywa kwabantu kanti zingu-18 izifunda ezikwazile ukufinyelela esibalweni esibekiwe sokugonywa kwabantu.
“Uyabona omasipala abaningi bakhona ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu kodwa phezu kwalokho sine-OR Tambo e-Eastern Cape, engeyesithathu ezinganeni ezingawutholi umgomo. Ngo-2024, bagoma u-50% wezingane.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
