Kushone owesilisa izigebengu zizama ukuduna imoto eNewlands West

Cishe ngezithuba zabo-18:00 ebusuku i-KZNVIP Control Centre ithole izimpawu eziningi zokucindezeleka ezivela endaweni, ezihambisana nemibiko yokuqhuma kwezibhamu kuChippendale, eNewlands Wes.

Abe-KZNVIP Reaction Units bathunyelwe ngokushesha endaweni yesigameko.

Kuthe ngesikhathi befika bathola ukuthi abasolwa abane abebehlomile bebala elinsundu abebehamba ngemoto yohlobo lweToyota Etios emhlophe bebezame ukuduna imoto eduze kwesitolo esisendaweni.

OLUNYE UDABA: Owezemfundo uluthathela phezulu elothisha osolwa ngokufundisa abafundi umkhuba

Kukholakala ukuthi ngesikhathi kuzanywa ukuduna imoto, nangesikhathi bebaleka endaweni yesigameko, abasolwa badubule kaningi bebhekise kwisisulu.

Nakuba abosizo lokuqala i-KZNVIP befike ngokushesha, isisulu sitholakale silimele kanzima futhi singanyakazi. Okubuhluku wukuthi asizange sikhombise zimpawu zokuphila ngesikhathi sihlolwa, sahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko.

Amathimba e-KZNVIP abevimbile ukuthi kungadluli lutho kule ndawo yesigameko, udaba lube seludluliselwa emaphoyiseni ophiko lwe-SAPS ukuze aqhueke nophenyo.

Sidlulisa ukudabuka kwethu okukhulu emndenini wezisulu ngalesi sikhathi esinzima obhekene naso.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *