

Umkhankaso wobunhloli wamaphoyisa angamalungu e-Operation Vala Umgodi uholele ekuboshweni kwabasolwa abahlanu abatholwe nempahla yakwa-Eskom engabiza imalu engu-1.5 million wamarandi endaweni yaseMpangeni naseMthunzini izolo.
Amaphoyisa abuthane mayelana nabasolwa abebephethe izimpahla okusolakala ukuthi zebiwe.
Amaphoyisa agasele emzini oseNgwelezane lapho kuboshwe khona abasolwa abahlanu kulandela ukutholakala ne-smart metre, ikhebuli nenye impahla yenkampani ephehla ugesi u-Eskom.
OLUNYE UDABA: Ugixabezwe ngodilikajele owabulala ivolontiya lokhetho eKZN
Le mpahla yebiwa ngesikhathi kugetshengwa ibhizinisi endaweni eseSabhuza Reserve ngomhlaka-17 kuMarch 2025.
Olunye uphenyo luholele amaphoyisa endaweni yaseManteneshana eMakholokholo lapho kuboshwe khona umsolwa wesithupha kwatholakala nenye impahla yakwa-Eskom.
Ngokwesitatimende samaphoyisa lo msolwa utholwe nezinhlamvu nesibhamu esingekho emthethweni.
Iminyaka yabasolwa iphakathi kwengu-32 nengu-54 ubudala kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni kusasa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
