
Amaphoyisa omgwaqo agcizelele ngokubaluleka kokufaka ibhande uma usemotweni ngenhloso yokwehlisa izingozi ezibulala abantu emgwaqeni yaseNingizimu Afrika njengoba izwe lilungiselela amaholidi ePhasika.
I-Road Traffic Management Corporation kanye neCouncil for Scientific and Industrial Research benze ucwaningo ngezingozi ezinkulu okwashona khona abantu abahlanu nangaphezulu kusukela ngo-2018 kuya ku-2024.
Kulesi sikhathi seminyaka emihlanu, kwashona abantu abangu-580 kwathi abangu-986 balimala kanzima ezingozini zamabhasi ezingu-62.
Isifundazwe iLimpopo sibe nesibalo esiphezulu sabantu abashonayo nabalimala ezingozini zomgwaqo ezingu-412, kulandele i-Eastern Cape ngabangu-303 kwagcina iKwaZulu-Natal ngabawu-293.
Okhulumela i-RTMC, uSimon Zwane, uthe ucwaningo luthole ukuthi ukufaka ibhande uma uhamba ngemoto kuyabasindisa abagibeli umangabe imoto ibhuleka kabi noma ima kungalindelekile okanye ishayisa.
OLUNYE UDABA: Usavaliwe umgwaqo u- R21 North kulandela enyantisa igazi eGoli
“ Ucwaningo obelugxile ekufakeni ibhande emabhasini ahamba amabanga amade luthole ukuthi ukulimala nokudlula emhlabeni ngengozi yebhasi kubalelwe ku-21% wezingozi ezibikwe eNingizimu Afrika phakathi kuka-2018 no-2024. Ucwaningo luveze ukuthi ukube abagibeli babewafakile amabhande ngabe isibalo sabashona noma abalimala kabi ezingozini sincane.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
