
Johannesburg – UNobhala-Jikelele we-African National Congress (ANC) uFikile Mbalula usegxeke lowo owayengumholi wekhokhasi yeqembu edolobheni laseKapa, uBanele Majingo, ngesinqumo sakhe sokujoyina iDemocratic Alliance (DA).
UMajingo wenze isenzo esingalindelekile ngoLwesine, wesula kuKhongolose wajoyina i-DA ngaphambi komhlangano womkhandlu wedolobha.
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo owayenguSomlomo wePhalamende
Encwadini yakhe yokwesula uMajingo uthe uyayishiya i-ANC ngoba ekholelwa kakhulu ekuzibophezeleni kwe-DA ngokubusa okuhlanzekile.
UMbalula ubize uMajingo njengomholi ongenangqondo.
“Noma ngabe ngubani eWestern Cape othi uyayishiya i-ANC ngoba i-DA ingcono futhi isebenzela abampofu akagcini nje ngokuzikhohlisa kodwa uphinde angabai nangqondo. Kuyobukwa bona ngabakwenzayo ngoba baphila amanga futhi lokho kuzobaxaka.”
– EWN
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.