Kuphenywa ngezinsolo zezepolitiki esikoleni saKwaDukuza

Durban – Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ithi ngeke ikubekezelele ukuphushwa kwezinhlelo zepolitiki ezikoleni zakulesi sifundazwe.

Lesi sexwayisa siza ngemuva kwezicelo ezibhekiswe kubasebenzi abaphezulu esikoleni samabanga aphansi eShakaskraal ogwini olusenyakatho.

UNgqongqoshe wezeMfundi KwaZulu-Natal uSipho Hlomuka uthe kunezinsolo ezithi uthishanhloko uphoqa othisha besikole ukuthi bagqoke imfaniswano kyezepolitiki uma bengakwenzi lokho uzobakhomba indlela.

OLUNYE UDABA: Umunyu kudlula emhlabeni umfundi esikoleni eThekwini

Ngokombiko weNewswatch uHlomuka uthe uphenyo ngalezi zinsolo seluqalile wathi futhi uzovakashela kulesi sikole namuhla.

“Sizoxoxisana nothisha noma abafundi, uma lokhu kuyiqiniso kuyomele lowo thishanhkolo amiswe ngokushesha.

“Akekho umuntu okumele abe namandla okuphazamisa ukufunda nokufundisa nima ngabe ukusiphi isikhundla.

“Kwamina angeke ngikwazi ukuya ezikoleni ngiphazamise ukufunda kwabafundi bethu ngoba izikole akuzone ezepolitiki, izikole ezabafundi nalabo abathanda imfundo.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *