
ISekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMimmy Gondwe, uthe uMnyango ushaya phansi ngonyawo ezikhungweni zemfundo ezingabhalisiwe ezixhaphaza abafundi abafuna ukuthola imfundo ngamanani angconywana eNingizimu Afrika.
Ngokombiko we-SABC, uGondwe uhambela amakolishi anjalo nezikhungo zemfundo ephakeme ezizimele enkabeni yeTheku KwaZulu-Natal okuyiyona ehamba isibili ngezitshudeni zemfundo ephakeme kuleli.
OLUNYE UDABA: ISADTU ithi isabelomali sase-KZN asizixazululi izinkinga ezibhekene nothisha
Uthi umnyango wakhe uthola izikhalo ngezikhungo ezingabhalisiwe ezweni lonke.
UGondwe uthi bazofika sebeyimpi ezikhungweni ezingabhalisiwe eziphuca abantu imali, isikhathi nethuba lokuthola umsebenzi.
“Sigcina amarejista amabili – elinye lamakolishi azimele nelezikhungo ezizimele zemfundo ephakeme. Siphinde sikhuthaze abazali nabafundi ngokufanayo ukuthi benze umsebenzi wabo ngokuzikhandla nomsebenzi wesikole ngoba kungahamba ibanga elide ekuqinisekiseni ukuthi awulahlekelwa yimali, futhi awulahlekelwa ngamathuba okuthola iziqu ezisemthethweni futhi ekugcineni uthole umsebenzi. Singafika kunoma iyiphi ikoloshi njengoba senzile namuhla sizobheka ukuthi libhalisiwe yini ngokomthetho futhi imininingwane yokugunyazwa inamekwe obala odongeni siphinde sikhulume nabafundi.
Okubhakwe enkundleni yezokuxhumana iX:
This morning, I chaired a productive planning meeting for our awareness campaign against bogus colleges in Durban CBD. This initiative is a collaborative effort with eThekwini Municipality, SAPS, and the Departments of Employment and Labour and Home Affairs. pic.twitter.com/XWZzjsDZCK
— Deputy Minister of Higher Education and Training (@DrMimmyGondwe) March 25, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
