
USphamandla Khumalo ugwetshwe udilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala.
UKhumalo wagwaza wabulala owayeyintombi yakhe uNomfundo Msibi erenki yamatekisi eduzane nasenxanxathela yezitolo eMhlanga ngonyaka odlule.
IJaji uJacqueline Henriques uthe inkantolo ikucubungulile ukuhlunyeleliswa kwesimilo, ubucayi nezimo zecala, kanye nezimo zomuntu siqu zomsolwa.
UHenriques wengeze ngokuthi kumele babheke iqiniso elingephikiswe lokuthi ukubulawa kukaMsibi bekuhleliwe.
OLUNYE UDABA: Iyagwetshwa indoda yaseThekwini ngecala lokubulala owayeyintombi
Ngemuva kokukhishwa kwesinqumo ngoMsombuluko, uKhumalo uvele okokuqala ecaleni etshela inkantolo ukuthi ubengaqondile ukubulala umama wengane yakhe eneminyaka emihlanu.
Uthe uvumele imizwa yakhe imnqobe futhi uyaxolisa ngakwenzile.
Kodwa-ke, ngoLwesibili, iJaji uHenriques libuchithile ubufakazi bukaKhumalo njengalobo bokuzenzela efuna ukugqugquzela ukuthi athole isigwebo esincane.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.