Umphathi wamaphoyisa uvikela ilungelo lamaphoyisa lokuzivikela

Durban – Isikhulu samaphoyisa kuzwelonke uFannie Masemola uthe amaphoyisa anelungelo lokuzivikela ezigebengwini ezihlome ngezibhamu.

UMasemola uvikele izenzo zamathimba abomthetho kulandela uchungechunge lwezigameko zokudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa ngobugebengu ezingxenyeni ezithile zezwe.

Ngesonto eledlule, amaphoyisa adubule abulala abasolwa abane abasolwa ngokuba ngamasela enyakatho yeTheku.

OLUNYE UDABA: Basale enkundleni abasolwa abane bedubulana namaphoyisa eThekwini

Okhulumela amaphoyisa ophiko lwe-SAPS uNonkululeko Phokane uthe ukhomishana uthi amaphoyisa anomsebenzi wokusebenzisa amandla adingekayo ukuze avikele umphakathi.

Angu-21 amaphoyisa abulawe esemsebenzini kusukela ngo-April 2024.

Khonamanjalo, bangaphezu kuka-1.2 million abantu asebeboshiwe kusukela kwethulwa umkhankaso i-Operation Shanela ngamacala ahlukene okubalwa awokubulala nokudlwengula.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *