Sigubha uSuku lwamaLungelo Abantu: Ngabe uyawazi amalungelo akho?

Namuhla eNingizimu Africa wuSuku Lwamalungelo Abantu, okuwusuku olugujwa minyaka yonke ngomhlaka-21 March lapho kusuke kukhunjulwa isibhicongo saseSharpevillekanti futhi  sihlonipha labo abalwela inkululeko kanye namalungelo esiwajabulelayo namuhla. Usuku lokuzindla ngomzabalazo wokulingana nokubaluleka kokuvikela amalungelo abantu.

Ngalolu suku kwashona abantu abangu-69, kwathi abangu-180 balimala ngesikhathi amaphoyisa edubula esixukwini esasinokuthula esasibuthene siphikisana nemithetho yamapasi.

Namuhla lolu usuku luka-21 March 1960 lubungazwa ngokuthi wusuku lwamalungelo abantu, phecelezi i-Human Rights Day.

Ngokuvamile lolu Suku Lwamalungelo Abantu lugujwa ngemicimbi, izinkulumo, kanye nemisebenzi ekhuthaza ukuqwashisa ngamalungelo abantu nokwenza noma yini ehambisana nalolu suku.

OLUNYE UDABA:Lihlehlile icala lokususa uthuthuva likaDuduzile Zuma-Sambudla

Lawa ngamanye amalungelo esinawo kwamaningi:

Ukulingana – wonke umuntu uyalingana phambi komthetho futhi unelungelo lokuvikelwa ngokulinganayo kanye nokuhlomula komthetho.

Isithunzi somuntu – wonke umuntu unesithunzi esizalwa naye futhi isithunzi sakhe siyahlonishwa futhi sivikelwe.

Inkululeko yokuhamba nokuhlala – wonke umuntu unelungelo lenkululeko yokuhamba nokuhlala noma yikuphi ezweni.

Ulimi namasiko – wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa ulimi nokubamba iqhaza empilweni yamasiko azikhethele wona.

Impilo – wonke umuntu unelungelo lokuphila.

2025 Human Rights Day Theme: “Deepening a Culture of Social Justice and Human Rights

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *