
Icala lendodakazi kalowo owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma, uDuduzile Zuma-Sambudla lihlehliselwe umhlaka-14 August.
Icala lokugqugquzela udlame elibhekene nondodakazi kaZuma elihlobene nezibhelu zangoJulayi lihlehlisiwe ukuze kube nengqungquthela eyandulela ukuqulwa kwecala.
UZuma-Sambudla uvele kafushane eNkantolo eNkulu namuhla ekuseni ngamacala okukhuthaza ubushokobezi nodlame.
OLUNYE UDABA: UDuduzile Zuma-Sambudla uzovela enkantolo ngezinxushunxushu zango-2021
Umbuso uthi wasebenzisa i-akhawunti yakhe ye-X phakathi nezinxushunxushu ezazidlangile ngoJuly 2021 egqugquzele futhi esekele udlame ukuze afake ingcindezi kuziphathimandla ukuthi zikhulule uyise.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) kuzwelonke u-Advocate Mthunzi Mhaga uthi,” Siyethemba ukuthi ngomhlaka-14 August konke kuyobe kumi ngomumo ukuze udaba luqhubeke.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
