
Ushone kabuhlungu umfundi webanga leshumi esikoleni iGlenwood High, eThekwini ngemuva kokuwa enkundleni yezemidlalo, emagcekeni esikole.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili ntambama kanti uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, udlulise amazwi enduduzo emndenini, abangani kanye nesikole sonkana
UMnyango wezeMfundo eKZN uthe lo mfundi udlule emhlabeni elungiselela umdlalo we-Hockey.
OLUNYE UDABA: Igixabezwe ngodilikajele indoda eyadlwengula intombazane, 6
Okhulumela umnyango uMuzi Mahlambi uthe, “Lo mfundi osemncane ubedlala umdlalo wokuzifudumeza womdlalo webhola lezinyawo ngesikhathi ecela ukushintshwa wabe esechezuka eningini ukuze ezoshaywa umoya.
“Okubuhlungu ukuthi uqulekile, yize abezimo eziphuthumayo bezame kaningi ukumhlenga, wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko.”
UMnyango uthe ngesikhathi uthola lezi zindaba ezibuhlungu, iNhloko yoMnyango, uNkosinathi Ngcobo, uphuthume endaweni yesigameko kanye nomndeni womfundi, othisha nezinye izikhulu zomnyango ukuzomeseka.
“Siphinde futhi sidlulise ukubonga kwethu emaqenjini abhekele izimo eziphuthumayo ngokungenelela kwawo ngokushesha.
Isikole iGlenwood High, esitatimendeni sangoLwesibili ebusuku sikuqinisekisile ukudlula emhlabeni komfundi, sengeza ngokuthi ngenxa yokuhlonipha umndeni ngeke sidalule eminye imininingwane.
Kulindeleke ukuthi uthishanhloko akhulume esikoleni namuhla.
UMnyango wezeMfundo eKZN uthi abanye abafundi bakulesi sikole bazothola ukwelulekwa ngokwengqondo ngemuva kokubona umfundi edlula emhlabeni phambi kwabo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
