
Usezwakalise ukungenami ngendlela izinto ezenzeka ngayo eNaturena umqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos akubeke ngokusobala ukuthi izinga lale Kilabhu ayijabulisi lokhu kufakazelwe ukungabonakala ngisho komdlali oyedwa waMakhosi esikwatini esimenyezelwe uBroos esizodlal ne Lesotho kanye ne Benin emdlalweni wokuhlungela indebe yomhlaba ezoba ngo-2026.
OLUNYE UDABA: I-Orlando Pirates yenza isitatimende esikhulu seCaf Champions League
UBross uthi isimo seChiefs asigculisi kodwa unethemba lokuthi ngesizini ezayo le kilabhu izokwenza kangcono,iBafana Bafana umdlalo wayo wokuqala uzoba ngoLwesihlanu neLesotho, ePeter Mokaba Stadium. Kuthi ngoLwesibili ngomhlaka-25 March 2025 babhekane neBenin, e-Ivory Coast.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
