
UMnyango wezeMpilo kwaZulu-Natal uqwashisa abantu baseThekwini namaphethelo ukuba uzinakekele njengoba sekubheduke uphenyane.
Izimpawu okanye izinkomba zophenyane:
- Ukushintsha kweso lakho libe bomvu noma libe pink
- ukuzizwa kunobuhlungu emehlweni
- ukuzwa amehlo akho eshisa futhi eluma
- ukuphuma izinyembezi
- ukuphuma kwezimbici noma izintonga emehlweni(uketshezi oluphuzi, olumhlophe noma oluluhlaza)
- ukuvuvukala kwamehlo uphinde ungaboni kahle
Ukuze uthole ukwelashwa okugculisayo vakashela emtholampilo oseduzane kanti kubikwa ukuthi ngokujwayelekile kuthatha izinsuku ezimbalwa kuya evikini eligcwele ukulashwa kophenyane.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
