
Umkhiqizi kagesi ufake isicelo ngonyaka odlule ecela ukunyuswa ngo-36% kulo nyaka.
Usihlalo we-NERSA uThembani Bukula umemezele isinqumo sakhe ngesikhathi kunesithangami ngoLwesine.
“Onyakeni wezimali ka-25/26, umlawuli wezamandla ugunyaze imali engu-R384 billion, okuzokwenyuka ngamaphesenti angu-12.7.”
Ukwenyuka kuzoqala ukusebenza ngo-Ephreli nangoJulayi, kuye ngokuthi uyikhasimende likamasipala noma lakwa-Eskom.
U-Eskom uphinde wafaka isicelo sokunyuswa kwentela ngo-11.9% ngonyaka ozayo kanye no-9.1% ngonyaka olandelayo.
I-Nersa igunyaze kuphela ukunyuka ngo-5.36% no-6.19% kule minyaka emibili yezimali.
UBukula uthe isinqumo sabo sisekelwe embonweni womphakathi nezinye izinhlaka ezithintekayo ngesikhathi kunemihlangano yokulalelwa kwezimvo ngonyaka odlule.
Uthe ukube iNersa inike u-Eskom imali ebifake isicelo sokunyuselwa imali lokho kungaba nomthelela omubi emnothweni.
“Phezu kwalolu hlu wukukwazi ukuthengeka ugesi uma kugunyazwa amanani entengo ecelwe ngabakwa-Eskom, lokhu kuzwakalise amakhasimende asekhaya kanjalo namabhizinisi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
