
Amaphoyisa aseMatatiele abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-40 nengu-20 ubudala ngoMgqibelo, 14 June 2025, ngokushushumbisa abantu kanye nokuthuthela kwelinye izwe ngokungemthetho okubandakanya izingane eziyishumi.
Ukuboshwa kwalla madoda kuza ngemuva kokuba amaphoyisa ewusukumele phezulu umbiko ngesikhathi encinzwa indlebe mayelana nendoda endala enezingane eziyishumi eduze negalaji likaphethiloli maphakathi nedolobha laseMatatiele CBD.
Umsolwa, 40, ongowokudabuka eLesotho ongenazo izincwadi ezisemthethweni, uthi ubehambisa izingane konina eMgungundlovu. Lezi zingane zikuphikisile lokhu, zathi azimazi lo baba futhi wazithatha eQacha’s Nek, eLesotho, enza sengathi uzihlanganisa nomama bazo.
OLUNYE UDABA: “U-Omotoso ubephila ‘butebhu’ esesitokisini”
Baqinisekise ukungena eNingizimu Afrika ngokungemthetho beputshiwa ngendlela engekho emthethweni eduze kwasePaqama.
Kubhaliwe amacala okushushumbiswa kwabantu (Prevention and Combating of Trafficking in Persons Act) kanye Nokufuduka Ngokungemthetho (Immigration Act).
Bobabili abasolwa basezitokisini kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMatatiele maduze.
Izingane eziyishumi zibekwe endaweni ephephile wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kanti zithola ukunakekelwa. Uphenyo lusaqhubeka, kusho isitatimende.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa, uMajor General Thandiswa Kupiso, uncome ilungu lomphakathi eliqaphile kanye namaphoyisa ngesinyathelo sawo esisheshayo.
“Lokhu kungenelela kungase kusindise lezi zingane ekulimaleni okwengeziwe. Sinxusa umphakathi ukuthi ubike izenzo ezisolisayo ezihlobene nokushushumbiswa kwabantu noma ukuthuthela kwelinye izwe ngokungemthetho esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ushayela iCrime Stop ku-08600 10111.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
