
Umqeqeshi we Sekhukhune United u Papi Zothwane uthi banawo wonke amava okuthela induku i Orlando Pirates njengoba bezotholana phezulu kumdlalo wamaquarterfinals e Carling Knockout Cup e Orlando Amstel Arena e Goli ngoMgqibelo.
I Sekhukhune United sidlulele kowamaquarterfinals ngemva kokubhaxabula i Richards Bay fc ngo 3-1. “Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu njengoba silazi kahle uhlobo lweqembu esizodlalanalo.I Pirates isefomini enhle kakhulu, i Pirates engahlulwa uma idlalela e Arena” kuchaza u Zothwane
I-Orlando Pirates iyona phela eyakhipha i Sekhukhune United kumasemifinals e MTN8 njengoba i Orlando Pirates yabhaxabula i Sekhukhune United ngo 4-0 uma sekuhlangene imidlalo yemilenze yomibili. “Siyayazi lapho ibuthuntu ngakhona,siyayazi futhi lapho iqine ngakhona,ngiyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa leli ithuba lokuthi abadlali bazibonakalise ukuthi yini abakwazi ukuyenza, kanti uma singanqoba siye kumasemi finals kungaba yithuba elihle ” kuphetha u Zothwane
