Siyanda isibalo sabantu abatheleleka ngesifo samatele eKZN

UNgqongqoshe wezoLimo uJohn Steenhuisen uselule izindlela zokulawulwa kwesifo samatele KwaZulu-Natal ngenxa yokutholakala kwabanye abantu asebehaqwe yilesi sifo endaweni yaseNewcastle.

Lesi sifo saziwa njengesifo sezilwane ngaphansi koMthetho Wezifo Zezilwane, 1984 (Act No. 35 of 1984) egunyaza izinyathelo ezithile zokulawula, njengokuziqhelelanisa nabantu kanye nomkhawulo wokunyakaza, ephoqelelwa odokotela bezilwane.

Okhulumela uMnyango uJoylene van Wyk uthe ukubheduka kwalesi sifo e-KZN bekungakanqandwa ngempumelelo, njengoba kusanda kutholakala abanye abantu asebehaqwe ngamatele endaweni yaseNewcastle.

OLUNYE UDABA: I-SIU ibuyise u-R288m wezicelo ze-Covid 19

UVan Wyk uthi,”Lesi sifo manje sesidlulele ngale kwe-Disease Management Area (DMA) eyamenyezelwa ngo-2021 ngesikhathi sibheduka okokuqala esifundazweni.” .

Uthe ungqongqoshe uthathe isinqumo sokwandisa imingcele ye-DMA ukuze kunqandwe leli gciwane ukuthi lisabalale.

Amatele athelelana ngokuthintana, ukuphuma koketshezi lwasemlonyeni noma lwasemakhaleni nokusebenzisa izinto ezizodwa. Izimpawu zakhona ziqala ukubonakala ezinsukwini ezintathu kuya kweziyisikhombisa uthelelekile, kodwa futhi lesi sifo sihlala emzimbeni izinsuku eziyisikhombisa kuya kweziyishumi.

Umnyango wezempilo ugqugquzela inhlanzeko, ukuwashwa kwezandla ngaso sonke isikhathi, ukungasebenzisa izitsha ezizodwa njengezipuni, izinkomishi nezixubho. Ukuvulwa kwamawindi ukuze kushaye umoya.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *