I-POPCRU ifuna kuqiniswe ezokuphepha emajele

Inyunyana yamaphoyisa, iPolice and Prisons Civil Rights Unioni (POPCRU) inxusa ukuba kuqiniswe izinyathelo zokuphepha konogada basemajele kulandela izinsolo zokuhlasela zokuhlasela esikhungweni esise-KZN.

UGugu Mbatha kuthiwa wahlaselwa yisiboshwa ngesikhathi kunemidlalo eNcome Correctional Centre eVryheid ngonyaka odlule.

Kukholakala ukuthi leli phoyisa lalandelwa labanjwa ngesikhathi lilibangise lapho elihlala khona.

OLUNYE UDABA: Popcru igxeka uphenyo lukaMkhwanazi ithi ‘alunasisekelo’

Kubikwa ukuthi kwasuka isidumo uMbatha walimala waze wahlephuka nezinyo.

NgoMsombuluko umsolwa uvele enkantolo yemantshi yendawo.

Amalungu angaphansi kwe-POPCRU abebhikisha ngaphandle kwenkantolo.

Okhulume nabeNewswatch uNthabeleng Molefe, uthe umenzi wokubi uyisiboshwa esesivele sidonsa iminyaka yesigwebo saso ngecala lokudlwengula.

“UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kumele wenze isiqiniseko sokuthi uwanakekela kahle amalungu.

“Uma sinemidlalo, kufanele wenze isiqiniseko sokuthi unabasebenzi abanele ukuze ukwazi ukuqapha iziboshwa, uqinisekise ukuthi akukho okubi okwenzekayo.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *