Buka: Owezemidlalo unikele ngoR20 000 kumlingisi

Umlingisi oyintandokazi yeningi kuleli uNandi Nyembe osekuphele iminyaka engaphezu kwengu-50 elingisa emidlalweni yakumabonakude usivulele isifuba ngokuqhubeka empilweni yakhe njengamanje.

Lo mlingisi udalule lokhu enkundleni yezokuxhumana washiya iningi lishaqekile futhi libuhlungu emoyeni.

Kubikwa ukuthi ubencenga ecela usizo njengoba imali abenayo ezibekele yona isiphelile njengoba indodana yakhe engaphathekile ibidinga imali engu-88 000 wamarandi ukukhokhela izindleko zasesibhedlela.

Umam’Nandi akazange asidalule isimo sempilo sendodana yakhe.

OLUNYE UDABA: Buka: Kubanjwe amamashi e#Justice4Cwecwe

Ngemuva kokudalula isimo sakhe ngokwempilo, ezezimali nemboni emshiye engenalutho kulandela iminyaka eminingi esebenza kuyo, lo mlingisi oneminyaka engu-74 ubudala ube esecela iminikelo kule vidiyo encane abeyenzile.

Isicelo sakhe siholela ekutheni uNgqongoshe Wezemidlalo, Ubuciko, Namasiko

UGayton McKenzie unikele ngemali engu-R20 000 kwi-akhawunti yakhe.

Isenzo sikangqongqoshe sishiye uMam’ Nandi emangele, ezibuza imbuzo.

UMam’ nandi usebonakale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo; i-Zone 14, Soul City, iYizo Yizo nochungechunge lwemidlalo eke yaduma kumabonakude.

UMam’Nandi utshele abeSundayWorld ukuthi kunabanye abantu ababili abamthumelele imali engu-R2 000 umuntu ngamunye ngoLwesithathu kanti noWinnie Ntshaba odlala kuHouse oof Zwide naye umshayele ucingo emduduza.

UMam’Nandi osahlalele ethembeni lokuphinde athole umsebenzi udlulise ukubonga kwakahe kubo bonke abazwelana naye nalabo abathumele imnikelo kuye.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *