Buka: Kubanjwe amamashi e#Justice4Cwecwe

Namuhla bekubanjwe amamashi ngodaba lwentombazane eneminyaka engu-7 ubudala okusolakala ukuthi wadlwengulwa engaphakathi emagcekeni esikole iBergview College eMatatiele e-Eastern Cape.

Lama mashi abebanjwe eThekwini, eKapa, eGoli nase-Eastern Cape kukhalwa ngokudembesela okanye ukungasukunyelwa kwecala likaCwecwe kusukela ngonyaka odlule.

OLUNYE UDABA:I-AfriForum isiqhelelanise uthishanhloko nezinsolo zokudlwengula uCwecwe

EThekwini incwadi yezikhalazo idluliselwe emnyangweni wezeMfundo eThekwini, KwaZulu-Natal, befuna ubulungiswa ecaleni lokudlwengulwa kukaCwecwe engakapheli amahora angu-48. Bafuna umnyango uthathe izinyathelo ezingqala kanti uMqondisi woMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMelikhaya Mancoko, uthe bahambela eBergview College ngoNovember ngonyaka odlule kanye nabazali ababehlukumezekile bafika batshelwa ukuthi uthishanhloko akekho useholidini.

Omunye wabantu ababeyingxenye yale mashi i#JusticeForCwecwe e-Eastern Cape uthi amaphoyisa awazibeki eqhulwini izakhamuzi zakuleli. “Akuwenzi umqondo kuleli cala ukuthi kungathatha isikhathi eside kangaka ukuba lisukunyelwe nakhona selusukunyelwa ngoba nakhu umphakathi usufaka ingcindezi.

AMA-VIDEO:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *