Azolalela isigwebo sawo amadoda amahlanu abulala abantu eGlebelands

Amadoda amahlanu alahlwe yicala lokubulala abantu abayisishiyagalombili ehostela iGlebelands, eMlazi, kulindeleke ukuba kuphume isigwebo sabo namuhla eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

OLUNYE UDABA: Bazogwetshwa abalisa abahlanu ngamacala okubulala eGlebelands

La madoda abhekene namacala ayisishiyagalolunye okubulala, kodwa atholakala enamacala ayisishiyagalombili ngoMarch.

Izisulu zabulawa ngoJune 2023, ngoba zanqaba nemibhede yazo ehostela.

Ukuphuma kwesigwebo kwabambezeleka emasontweni amathathu edlule, ngoba ijaji belingekho.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)