
Ikhomishana eyengamele ukhetho kuzwelonke Independent Electoral Commision (IEC) ithi yize ziqhubeka kahle izinhlelo zokubala imphumela yokhetho kodwa kube nomaspala abaphuzile ukuqeda ukubala ngenxa yezinkinga zokubala okufaka phakathi umaspala weTheku.
Isikhulu esiphezulu sakwa IEC uNtombifuthi Masinga uthi uMaspala weTheku ube nenkinga yokuthi izibalo bezingahlangani uma uqhathanisa amaballots papers kanye nabavoti ikakhulukazi ngezinsuku ekade kuvota abantu ababhalisela ukuvota okuyispesheli.
UNtombifuthi Masinga uthi uma kukhona ongeneme ngendlela obekuqhubeka ngayo ukuvota unelungelo lokuhambisa isikhalazo kwa IEC kodwa lingakadluli ihora lesihlanu ntambama namhlanje.
