Limenyezelwe ele Bafana Bafana elizodlala eyokuhlungela i AFCON

Umqeqeshi we Bafana Bafana umemezele iqembu labadlali abangu 27 abazodlala imidlalo yokuhlungela i AFCON ne Kenya.

I Bafana Bafana izgadulisana ne Kenya mhlaka 13 November 2026 e Orlando Amstel Arena ngehora lesithupha ntambama, bese kuthi ngomhlaka 17 November itholane phezulu nayo i Kenya enhlokodolobha yase Kenya i Nairobi.I Bafana Bafana ihlezi phezulu ku gorup D ngamaphuzu ayisithupha, kulandele i Guinea ngamaphuzu amathathu. Okuqaphelekile ngesikwati esimenyezelwe u Pitso Mosimane kube ukubuya kuka Mbekezeli Mbokazi ongazange abe yingxenye yemidlalo ne Gunea kanye ne Eritrea.Olunye ushintsho olubonakele kulesikwati kube ukusala ngaphandle kuka Themba Zwane.