USipho Zungu Uqokwe Yi-ActionSA Njengongase Abe Yimeya KwaDukuza

Umholi we ActionSA kulesfundazwe uZwakele Mncwango usememezele uSipho Zungu njengaloyo ongase abe imeya kumaspala wakwaDukuza uma ke leliqembu lenze kahle okhethweni lohulumeni basekhaya

Konke lokhu kuza njengoba loyo obesememezelwe njengemeya phambilini kulomaspala evele wayilaxaza ngempelasonto

OLUNYE UDABA: Kushintsha izinhlelo eThekwini: UMavava Skhakhane angase abe yiPhini likaMeya

UMncwango uthi unesiqinisekiso sokuthi uZungu uzokwenza kahle kakhulu ngoba bayawazi amagalelo akhe nanokuthi ke usawumuntu omusha oziqonda kangcono izidingo zabantu abasha

Kusenjalo Uzungu uveze ukuthi uyalijabulela kakhulu lelithuba futhi uzimisele ekuthenini asebenzele umphakathi ikakhulukazi ukulungiswa kwenkinga yamazi kanye nemgwaqo

WATCH

https://www.facebook.com/share/v/1CDWoJEP5k/