Amaphoyisa aseLimpopo abambe abantu abangu-121 abangenazo izimvume zokuba seNingizimu Afrika ngesikhathi se-Operation Shanela II–Retshepheng eSekhukhune ngomgqibelo.
Kuphinde kwaboshwa abasolwa abangu-26 ababefunwa ngamacala ahlukene, okuhlanganisa ukushaya, ukweba, ukugebenga nokudlwengula.
OLUNYE UDABA: Ubulawe phambi kwendodana yakhe Owesifazane oneminyaka engu-43 eCornubia
Amaphoyisa aphinde athatha amathuluzi angu-22 okusolwa ukuthi asetshenziswa ezimayini ezingekho emthethweni.
Amaphoyisa athi lo msebenzi uyingxenye yemizamo yokuqeda ubugebengu nokwenza imiphakathi iphephe.



