
Inhlangano esingethe ibhola eTunisia, iTunisian Football Federation ithuse abantu abaningi ithatha isinqumo esisheshayo sokuxosha umqeqeshi wabo, uSabri Lamouchi.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokushaywa kwakhe ngamagoli amahlanu kwelilodwa iSweden emdlalweni wokuvula kwiNdebe yoMhlaba.
OLUNYE UDABA: Injabulo iSundowns inqoba umdlalo wokuqala weFIFA Club World Cup
Ukuxoshwa kwalo mqeqeshi kushaqise abaningi njengoba kungaziwa ukuthi ngabe ubani ozovala isikhala sakhe njengoba kusele imidlalo emibili yamaqoqo kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo.
ITunisia emdlalweni wabo olandelayo izotholana phezulu ne-Japan kanye ne-Netherland.
