
Umholi weqembu elisha lepolitiki i-Afrika Mayibuye Movement, uFloyd Shivhambu kanye nomholi we-March and March uJacinta Ngobese-Zuma bavumelene ngokusebenza ndawonye ezinhlelweni ezihlose ukubhekana nokufuduka okungenazo izincwadi kanye nokufuduka okungekho emthethweni eNingizimu Afrika.
Kodwa-ke, omunye wabahlaziyi bezokufuduka unxuse iziphathimandla ukuba ziphenye ngezinkinga eziqhubekayo eziphathelene nodaba lwamanje lokufuduka.
Laba holi bobili baqinisekise umhlangani wabo obuseGoli namuhla, ngoMsombuluko, wangomhlaka-15 June.
Umhlangano wabo uza phakathi kwenkulumo-mpikiswano yezepolitiki edlondlobalayo nemayelana nokufuduka.
OLUNYE UDABA: IMarch and March igxeka uhlelo lukaRamaphosa lokufuduka ngokungemthetho njengolungasebenzi
Abanye abahlaziyi bezepolitiki baphikise ngokuthi amaqembu ezepolitiki agxila kakhulu ekufudukeni okungekho emthethweni emzamweni wokuthola ukwesekwa ngaphambi kokhetho olulandelayo lohulumeni basekhaya.
Amaqembu ayamaniswa nemikhankaso yokulwa nokufuduka okungekho emthethweni; iqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP), i-Inkatha Freedom Party (IFP) kanye ne-ActionSA.
Imikhankaso efanayo ibilokhu ibanjwe emadolobheni amaningi, ikakhulukazi KwaZulu-Natal, eGauteng nase-Eastern Cape.
“Umhlangano udingide ngezinkinga ezahlukene ezibhekene nomphakathi waseNingizimu Afrika, ikakhulukazi olwabokufika abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba seNingizimu Afrika,” kusho isitatimende.
