
Kutholakale izijumba ezigcwele amathambo abantu koplastiki bakadoti eZimbokodweni eduze kwase-Adams, KwaZulu-Natal.
Amalungu omphakathi ethuka ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuba owesilisa elahle okwakubukeka ‘njengodoti’ endaweni yokulahla udoti endaweni yokulahla imfucuza endaweni.
UFikani Vezi, okungowesilisa obonakale elahla amathambo, uthe ubengazi ukuthi yini ayithathayo ngesikhathi enikwa.
UVezi uthe ubizelwe emathuneni aseClairwood. Ngesikhathi elapho, omunye wabasebenzi umnike imali engango-R400 ukuba ayomlahlela udoti ogcwele oplastiki ababalelwa kwabangu-15.
“Ngibe sengibuza ukuthi kumele ngiyowulahla kuphi lo doti,” esho.
Lo wesifazane uphendule ngokuthi akazi ukuthi lo ojwayele ukuyowulahla, uwulahla kuphi nendawo ‘udoti’. Ngakho wayengawulahla noma kuphi.
OLUNYE UDABA: Uyavela otholwe elele namathambo ‘awambe emathuneni’
UVezi uthe waya kubaphathi bendawo kadodti eseSiphingo, babesebemnqabela ukuba alahle khona.
“Bangikhomba endaweni yokulahla ese-Lovu,” esho.
Ngokubona ukuthi kukude kakhulu lapho, wabe esebona ukuthi awulahle eduze nalapho ahlala khona waqeda wayolanda abanye abantu kwenye indawo.
“Ngathole ucingo oluvela kumngane wami engitshela ukuthi ngilahle amathambo abantu endaweni,” esho.
Kwabizwa ikhansela lendawo, induna namaphoyisa. Kwafika nemoto yezidumbu, kwaqoqwa abanye oplastiki.
Kuphinde kwaqoqwa abanye oplastiki ngoLwesibili. Amathambo abebukeka emadala kanti amanye abenesihlabathi.
Uphenyo mayelana nokuthi aqhamukaphi luyaqhubeka njengoba amaphoyisa exhumana nabasemathuneni, ezama ukuthola ukuthi kungani la mathambo ekoplastiki badoti.
