
Kudutshulwe kwabulawa abantu ababili abasolwa ngobugebengu ezintatha zanamuhla esigamekweni sokudubulana namaphoyisa, KwaZulu-Natal.
Esigamekweni sokudubulana namaphoyisa kulimale umsolwa wesithathu, naye obekucatshangwe ukuthi udabule amafu.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi abacwaningi bematasa bethatha izithombe endaweni yesigameko, umsolwa wesithathu uvukile waphuthunyiswa esibhedlela eqashwe ngamaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Kubulawe isigebengu esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eMzinto
Isigameko senzeke endaweni yaKwaMsane phakathi kwamabili, ngoLwesibili.
Ngokusho kwamaphoyisa, athole umbiko ovela endodeni ebibanjwa inkunzi ngabasolwa abebehlomile andweni yamaphoyisa aseHluhluwe. Amaphoyisa akwazile ukuthungatha nokuthola imoto ebihamba abasolwa, kwabe sekudutshulwana.
Kutholakale izibhamu ezintathu endaweni yesigameko. Amaphoyisa athungatha abanye abasolwa abathathu.
