
Imisebenzi yokuphepha emgwaqweni yaKwaZulu-Natal iholele ekuboshweni kwabashayeli bezimoto abangu-59 ngokushayela bedakiwe ngempelasonto.
Kwababoshiwe kubalwa nesosha lwakwa-SANDF lisemsebenzini, umshayeli wetekisi, kanye nochwepheshe abaningi abavela emikhakheni eyahlukene.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi ukuboshwa kwesosha le-South African Defence Force ngecala lokushayela libishe ezinkambini zikaFaro, kuthumela umyalezo ocacile wokuthi akekho ongaphezu komthetho.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa ngokukhwabanisa izincwadi zokushayela
Leli sosha, okubikwa ukuthi belisemsebenzini ngesikhathi liboshwa, beliphakathi kwabashayeli bezimoto abangu-59 ababoshwe ngesikhathi sokusebenza kokuphepha emgwaqweni ngempelasonto esifundazweni.
Okhulumela uMnyango, uNdabezinhle Sibiya, uthi kuboshwe nomshayeli wetekisi ebelithwele abagibeli kulandela izinsolo zokuqopha isikali sotshwa egazini esingaphezu kwesibekiwe nesisemthethweni.
“Kwababoshelwe ukushayela bephuze utshwala kule mpelasonto; yisosha le-SANDF, umshayeli wetekisi, yi-quality surveyor kwa-Eskom, unesi, uthisha, yi-data capturer, yi-electrician nosebenza kwa-HR kwenye yezinkampani.”
