
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-29 ubudala nengu-35 ubudala ngokubandakanyeka esigamekweni sokuqola nokuthumba.
La basolwa bobabili baboshwe ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi eCleramont naseMalvern.
Ithimba lamaphoyisa asePinetown Trio Task nophiko lwe-Field Unit KwaDabeka alandele imininingwano ayihlinzekwe ngabe-Crime Intelligence mayelana nabasolwa abebefunelwa amacala okuthumba nokuqola enzeka endaweni yasePinetown.
OLUNYE UDABA: Sekuvele eminye imininingwano ngesigameko sokubulawa kwabasolwa eChatsworth
Ngobusuku bangoLwesibili ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa kuholele ekuboshweni komsolwa wokuqala eClaremont kwathi owesibili waboshwa eMalvern.
Umsolwa wesibili utholwe nezimoto ezimbili nesibhamu okusolakala ukuthi zasetshenziswa ukwenza ubugebengu.
Ababoshiwe babhekene necala lokuthumba nokuqola kanti bazovela enkantolo yemantshi yasePinetown ngoLwesine, kusho isitatimende samaphoyisa.
