Abathandi bebhola laseNingizimu-Afrika basibheke ngabomvu isikwati sabadlali abangu 26 abazomenyezelwa umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos osukwini lwanamhlanje ngehora lesikhombisa ebusuku.
Abadlali abazoba yingxenye yeNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eMexico, Canada kanjalo nase US.

Ngesonto eledlule uBroos umemezele uhlu lwabadlali azokhetha kubona uma esehlunga isikwati esiqondile esizoya kwiNdebe yoMhlaba.
Osukwini lwanamhlanje amehlo azobe ethe njo kulomqeqeshi,kulindeleke ukuthi eskwatini sika Broos sigabe ngabadlali abaningi abazoqhamuka eqenjini le Mamelodi Sundowns njengoba linabadlali abaningi abangakwazi ukubhekana namaqembu ahlukahlukene eMexico.
OLUNYE UDABA:https://izwi98fm.co.za/uvalo-ibafana-bafana-iphucwa-amaphuzu-amathathu/
Leliqembu lisanda kunqoba isicoco se Caf Champions league nokuyisicoco esikhululazi e-Afrika, kanti abanye abadlali ababhekiwe abe Orlando Pirates esanda kuthatha iligi yeBetway premiership nayo futhi iqhukethe abadlali abasefomini enhle kakhulu kulesizini.
Umdlalo wokuqala weBafana Bafana izotholana phezulu ne Mexico mhlaka 11 June 2026, kuzokhumbuleka ukuthi umlando uzoziphinda njengoba womabili lamaqembu iwona avula umqhudelwano weNdebe yoMhlaba eyayibanjwe kuleli ngo 2010.
