IZITHOMBE: Inhlangano yamatekisi nabashayeli be-E-Hailing bavumelene ‘ngokusebenza ngokuthula’ ePhoenix

UMkhandlu wezokuThutha we-E-hailing waKwaZulu-Natal kanye nenhlangano yamatekisi ePhoenix, iPhoenix Taxi Association bavumelene ngokuthi bazozama ukusebenza ngokuthula emkhakheni wezokuthuthwa komphakathi enyakatho yeTheku.

Lokhu kulandela ukuhlaselwa komshayeli we-Bolt ePhoenix Plaza ngoMgqibelo ngemuva kokwehlisa umgibeli.

OLUNYE UDABA: Kugcizelelwe ukubaluleka kokuphepha kowe-e-hailing eKZN

Imoto yalo mshayeli nayo yathathwa ngabashayeli bamatekisi.

Lo mshayeli watshelwa ukuthi akakhokhe u-R5 000 ukuze abuyiselwe imoto.

Lesi sigameko sadala intukuthelo, nokuyisigameko ebesiphoqa ukuba kungenelele iziphathimandla ngokushesha.

URavi Venketsamy wePhoenix Taxi Association uthi abahambisani nobudlova kodwa bafuna kuqiniswe umthetho kubashayeli abasebenza ngokungemthetho nabangayilandeli inqubo yokusebenza ngobuchwepheshe kanjalo nabahamba emzileni ngokungemthetho.

Unobhala we-KZN E-Hailing Council uSthembiso Khanyezi uthi kuvulwe icala lobugebengu kulandela isigameko sokuhlaselwa komshayeli.

Uthi umkhandlu uzoqhubeka nokukhuthaza abashayeli ukuthi basebenze kakhulu ngama-app abhalisiwe.

IZITHOMBE:

KZNTransport