
Amaphoyisa adubule abulala abasolwa abathathu esigamekweni sokudubula ngoLwesibili eNewlands West.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngsigameko sokuphanga kuhlonyiwe endaweni yaseHoneyrich eNewlands West.
Amaphoyisa athe efika endaweni yesigameko atshelwa ukuthi umnikazi wethaveni ubevala ngesikhathi kuqhamuka amadoda amahlanu amkhomba ngesibhamu. La madoda athathe amaselula, utshwala nesamba semali esingadalulwanga. Abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto yohlobo lwe-Toyota Etios emhlophe.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa abe eseqala ukuthungatha abasolwa, kuthe kusenjalo amaphoyisa abona imoto efana naleyo okuchazwe ukuthi ibihamba abasolwa. Amaphoyisa abe esenza imizamo yokuyimisa le moto kodwa ayizange ime.
Amaphoyisa abe esegijimisa le moto egcine imile. abantu abebephakathi kule moto babe sebehla emotweni badubula bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa nawo adubula ngenhloso yokuzivikela nokuyingaleso sokhathi kuphangalale abasolwa abathathu kwathi abanye ababili babaleka bangena ehlathini.
Amaphoyisa thole isibhamu sohlobo lwe-9mm, amaselula, amabhodlela otshwala nesamba semali esingadaluliwe.
Kuvulwe icala lokuphanga, ukuzama ukubulala amaphoyisa nokutholakala nesibhamu esngekho emthethweni.
Uphenyo luyaqhubeka, kanti amaphoyisa ayaqhubeka nokufuna abasolwa ababili ababaleke ngezinyawo.
