I-UDM ifuna i-SAHRC yenze uphenyo ngomqeqeshi weBafana Bafana

I-United Democratic Movement isibikele iKhomishana lamaLungelo Abantu yaseNingizimu Afrika (South African Human Rights Commission) ngomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

I-UDM ithi uBroos ukhulume amazwi okucwasa ngokobuhlanga nangokobulili kumdlali wasemuva osemusha weBafana Bafana uMbekezeli Mbokazi kanye ne-agent yakhe, uBasia Michaels.

UBroos ubekhuluma kabi ngomdlali wasemuva we-Orlando Pirates kulandela ukufika kwakhe ekhempini ngemuva kwesikhathi ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi weBafana Bafana ukhathazekile ngebhola le-Chiefs

Kwisithangami seqembu nabezindaba, uBroos ubuze ngobungcweti balo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala waphinde wangabaza ngeseluleko asithola kwi-agent yakhe.

Njengamanje i-UDM icele i-SAHRC ukuba ingenelele iphinde yenze nophenyo.

eNCA