
Uma sekuyilesikhathi iminyango eminingi kahulumeni isuke imatasa iqinisekisa ukuthi unyaka uphela yonke imisbenzi ebekumele yenziwe iqediwe iphinde yethula izinhlelo zokuphela konyaka.
Namuhla uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula wethule ngokusemthethweni izinhlalo zesikhathi samaholidi eMusic House, KZN eThekwini namuhla.
UNgqongqoshe uKhawula ubehambisana nezinye izikhulu ezihambisana noMnyango wakhe uThemba Ndulini onguSihlalo woMkhandlu yezobuCiko namaSiko e-KZN, uDkt Edmund Mhlongo onguSihlalo weNhlangano yeziKhungo zobuCiko zoMphakathi zase-KZN, noThokozani Zulu weCultrual and Creative Industries of South Africa KwaZulu-Natal (CCIFSA-KZN).
OLUNYE UDABA: Kuqhakambiswe ubumbano kwethulwa iTshatha Music Festival
UNgqongqoshe ethula inkulumo yakhe unxuse bonke abaculi ukuba bathathe umsebenzi abazokwazi ukuwumela banandise ngezinga elifanayo kuyo yonke imicimbi abazoyihambela kulesi sikhathi bangagijimisi imali phambili ngoba lokho kuzokwenza ukuba bangakwazi ukwenza umsebenzi omuhle kweminye imicimbi ngenxa yokukhathala.
UKhawula uphinde wanxusa nokuba abantu balugweme uphuzo oludakayo uma bezoshayela kanti nalabo abahamba ngezinyawo nabo baphuzele emakhaya ngoba iningi labo ligcina selushayiswa yizimoto ngenxa yokunganaki uma lihamba emgaqweni selicwile ezinkambini zikaFaro.
Uphinde waveza ukuthi umcimbi walo nyaka wosuku lokubuyisana phecelei iDay of Reconciliation ebaminyaka yonke ngomhlaka-16 December 2025 luzogujwa kule sifundazwe endaweni yaseNcome nalapho okuyobe kukhona uMengameli Cyril Ramaphosa, uGayton McKenzie oNgungqongqoshe wezeMidlalo ubuCiko namaSiko kazwelonke nezinye izikhulu.
UKhawule uthi miningi imicimbi umnyango eyixhasile kulo nyaka kanti futhi wenze isiqiniseko sokuba yonke imikhakha yomculo ithola ithuba lokuba nayo inandise futhi ijatshulelwe.
