
OwayenguNgqongqoshe Wezinkampani Zikahulumeni uMalusi Gigaba kulindeleke ukuthi azinikele emaphoyiseni ukuze abhekane namacala ahlobene nophenyo oluqhubekayo ngenkohlakalo kwaTransnet. La macala ayingxenye yemizamo yeNational Prosecuting Authority (NPA) yokubamba izikhulu zikahulumeni zangaphambilini ukuze ziphendule ngokubandakanyeka okusolwayo ekubanjweni kwezinhlangano zikahulumeni.
Uphenyo lwenkohlakalo lwakaTransnet lugxile ezinkontilekeni ezingajwayelekile kanye nezinkokhelo ezibiza izigidigidi zamarandi ezakhishwa ngokungemthetho.
OLUNYE UDABA: Seluqalile uphenyo ngephoyisa elisolwa ngokubandakanyeka kwezepolitiki eKZN
Abaphathi abaningana bangaphambilini, okuhlabalwa kubo nowayeyisikhulu esiphezulu (CEO) yeqembu leTransnet uBrian Molefe kanye nowayeyi-CFO u-Anoj Singh, bona sebevelile enkantolo bebhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo.
UGigaba wasebenza njengoNgqongqoshe Wezinkampani Zikahulumeni phakathi konyaka ka-2010 no-2014, nokuyisikhathi lapho umndeni wakwaGupta kanye nabalingani bawo kuthiwa babe nethonya elikhulu ekunikezweni kwezinkontileka ezinkulu zakwaTransnet, okuhlanganisa nesivumelwano sika-R54 billion sesitimela.
UGigaba usekuphike kaningi ukwenza okungalungile kanti futhi ngaphambilini wachitha izinsolo ezimhlanganisa nebhizinisi labakwaGupta njengeziqhutshwa ngezepolitiki.
