Kulimale umuntu oyedwa kushayisana izimoto eMount Edgecombe enyakatho yeTheku

Kulimale umuntu oyedwa kulandela ukushayisana kwezimoto ezimbili ku-Mount Edgecombe Drive endaweni yase-Broadlands, enyakatho yeTheku, izolo.

Abasizo lokuqala be-KZNVIP Medics and Security Teams baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuthola imibiko eminingi evela kubashayeli abadlulayo.

Kukholakala ukuthi kuvele kwamnyama amehlo kumshayeli weveni,  wahluleka ukuyilawula wabe esephaphalaza eyoshayisa imoto yesibili ngaphambi kokushayisa uthango nodonga lapho kungenwa khona eBroadlands.

OLUNYE UDABA: Izingozi eziningi emgaqweni ‘eshelelayo’ yase-KZN

Umgwaqo ubuvimbezeleke kakhulu nokho, isinyathelo esisheshayo sabezimo eziphuthumayo akwazile ukuvula ingxenye yomgwaqo ukuze izimoto zikwazi ukuhamba.

UMnyango Wezicishamlilo ubizelwe endaweni yesigameko kanti nebhizinisi eliseduze nalo lisize ngemishini emikhulu ukususa amatshe amakhulu.

Bonke abezimo eziphuthumayo bebekhona endaweni yeisgameko.