Ubudlelwano bezamabhizinisi ne-US ‘buqinile futhi buyakhula,’ kusho uRamaphosa

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi iNingizimu Afrika izoqhubeka nokugqugquzela umgomo wokubuyisana ekutshalweni kwezimali kanye nobudlelwano bezohwebo ne-US, wengeza ngokuthi ubudlelwano bezamabhizinisi ne-United States “buqinile futhi buyakhula.”

Lokhu kuza phakathi nohambo lwethimba laseNingizimu Afrika lokuya e-US, elathunyelwa nguRamaphosa, ukuyoxoxisana ngesivumelwano nokuphatha kukaTrump.

OLUNYE UDAB: URamaphosa uyavuma ukuthi ‘kuyashaqisa’okushiwo kwikhomishana kamadlanga

URamaphosa uthe lokhu kungenye yezingxoxo eziningi abebenazo nezinkampani zaseMelika ngesikhathi evakashele kulela dolobha. “Ezinye zalezi zinkampani sezivele zinamabhizinisi eNingizimu Afrika, kanti ezinye zinentshisekelo yokutshala imali. “Njengengxenye yokuqinisa ubudlelwano ne-United States, siphinde sasebenzisa ithuba lokuhlangana namalungu e-US Congress neSenate. Abanye ongqongqoshe bethu nezikhulu nabo babe nemihlangano nabamele abaphathi baseMelika,” kusho uRamaphosa.

URamaphosa uphethe ngelokuthi,” ukusebenzelana kwabo ne-US kukhombisa ukuthi amabhizinisi aseNingizimu Afrika nawaseMelika ahlala exhumene kakhulu futhi azibophezele ekusebenzisaneni okuzuzisayo esikhathini esizayo.”

The Citizen