Abakwa-VW nabakwaMercedes-Benz bacela kubuyiselwe emuva izimoto ‘ezinenkinga’

IVolkswagen isimemezele ukuthi kubuyiselwe emuva amaveni angaphezu kuka-300 ohlobo lwe-Amarok.

Amaveni athintekile akhiqizwa phakathi kukaJanuary noJune 2025.

Umkhiqizi wezimoto uthi ukuhoxiswa kwezimoto kungenxa yenkinga yamabhuleki.

OLUNYE UDABA: AbakwaFord bacela kubuyiselwe emuva ama-model amane ezimoto ‘anobungozi’

Ukubuyiselwa emuva kwezimoto kuza ngemuva kokuba iNational Consumer Commission (NCC) imemezele amaphutha ezimotweni ezingu-102 zakwaMercedes-Benz.

I-NCC ngoLwesine ithe ukubuyiselwa emuva kwezinhlobo ezine ze-EQE-295 kanye nezingu-98 ze-GLC-254 kungenxa yenkinga yokubhowulwa kwesiteringi ne-rack.

Izimoto zakwaMercedes-Benz  ezinenkinga zakhiwe phakathi konyaka ka-2022 no-2025.

Ikhomishana inxuse abashayeli abathintekayo ukuthi baxhumane nezinkampani ezidayisa izimoto ezigunyaziwe ukuze zihlolwe, zilungiswe noma zishintshwe.

Newswatch