
Amalungu enkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa ngoMsombuluko ngezithuba zabo-21:20 abizelwe kuHippo Road endaweni yaseWaterloo KwaZulu-Natal.
AbeRUSA bafike kule ndawo [bathola indoda inenkebenkebe yengozi ekhanda.
Lokhu kuza ngemuva kokuba le ndoda ibuyisele iselula ebiyebile kumnikazi wayo.
Ithi ibisendaweni yokucima ukoma esendaweni ekuseni, iphuza utshwala ngesikhathi owesifazane ewisa iselula yakhe ngephutha. wathatha iselula wayifihla.
OLUNYE UDABA: Umphakathi uzizwe ungaphephile umuva kwesigameko sokudubula esenzeke e-Maponya mall eSoweto.
Ngemuva kwesikhashana umnikazi weselula ubuyele ethaveni lapho afike wacela khona ukubuka amakhamera okuyiwo aqinisekise ukuthi lke ndoda iyicoshe ngempela iselula. Ngesikhathi eyibona, umnikazi weselula nequlu labantu libe sekiqonda kule ndoda.
Le ndoda ikuqinisekisile ukuthi iyidayisile iselula kodwa izohlela ukuthi iyibuyise. Leli qulu labantu libe selisabisa le ndoda ngokushisa umuzi wayo uma ihluleka ukubiyisa iselula ngesikhathi esibekiwe.
Le ndoda ibe isiyithola iselula kodwa yashaywa ngumnikazi weselula nangamalungu omphakathi ngemuva kokubuyisela iselula emuva. Indoda ibe isibaleka yangena komakhelwane lapho okubizelwe khona abeRUSA ukuthola usizo.
Indoda elimele iphuthunyiswe esibhedlela ukuyothola ukwelahswa.
RUSA
