
Kwebiwe izibhamu ezimbili, kanye nesamba semali esingadalulwanga ngesikhathi kugetshengwa imoto yemali okwenzeke kuVincent Dickenson Road eCottonlands esikhathini esingengakanani esendlule namhlanje.
I-Reaction Unit South Africa (RUSA) Operations Centre ithole ucingo oluningi oluvela emphakathini ubika ngokugetshengwa okuqhubekayo. Umuntu oyedwa oshaye ucingo ubike ukuqhuma kwesibhamu okusheshayo nokuqhuma okungajwayelekile.
AbeReaction Officer bathunyelwe ngo-09:18 base befika endaweni yesigameko belandelana emizuzwini embalwa kamuva. Kutholwe imoto yemali igqamuka amalangabi.
OLUNYE UDABA: Usindile udokotela obedutshulwa ngaphandle kwesibhedlela eThekwini
Abaphenduli bokuqala bathole ukuthi, cishe abasolwa abayishumi nanhlanu abebehlome bayizingovolo bavulele ngenhlamvu bebhekise emotweni yemali. Ngemuva kwalokho basebenzise iziqhumane base beqhumisa ingemuva ukuze bathole imali. Onogada ababili baphucwe izibhamu.
Abazibonele babike ukuthi babone igenge ibaleka ngemoto yohlobo lwe-Isuzu D Max emhlophe neNissan NP 200 emhlophe ibheke eNdwedwe. Kutholwe amagobolondo ezibhamu amaningana asetshenzisiwe.
Akubikwanga muntu olimele kulesigameko.
