OWE DOWNS UTHI UZOBA NZIMA UMDLALO WABO NE PIRATES.

Umqeqeshi we Mamelodi Sundowns uMiguel Cardoso useveze ukuthi angeke beze beyithathe kancane Orlando Pirates emidlalweni wabo weMtn8 njengoba bezotholana phezulu ne-Orlando Stadium ngehora lesithathu ntambama.

.Ezimnyama ziza kulomdlalo zizithoba amanxeba njengoba sebeshaywe imidlalo emibili kulandelana koweligi, nakuba kunjalo uCardoso uthi angeke beze bebusebenzisi ubuthuntu bePirates kulomdlalo ngoba bayazi ukuthi bayiqembu elingozi futhi ilona elivikela lesi sicoco seMtn 8,uCardoso uthi bazimisele kakhulu ukuthi bewunqobe lomdlalo wanamhlanje.

OLUNYE UDABA: IChiefs isimemezele ukuthi uNabi ngeke abonakale emdlalweni wokuqala weLigi

. Amasandawana eza kulomdlalo nje emdlalweni emibili yeligi sebeyinqobe yonke imidlalo nokuyinto le enikeza ithemba umqeqeshi weMamelodi Sundowns ukuthi ezakhe zizoqhubeka la ezigcina khona.