
IKhomishana Yamalungelo Abantu eZimbabwe iphakathi nezingxoxo kanye noMvikeli woMphakathi waseNingizimu Afika, uKholeka Gcaleka.
Lokhu kuza njengoba abokufika kuleli kubalwa nabadabuka eZimbabwe bevinjelwa ukuthola usizo lwezempilo.
I-Operation Dudula kanjalo neMarch and March bathi bafaka incendezi yokuba kubenzima kwabokufika ukuthola usizo lwezempilo.
OLUNYE UDABA:Inhlangano i-March and March isola i-SAHRC ngokubeka phambili abantu bokufika
Lezi zinhlangano zifunfa ziyagomela ngokuqinisa umkhankaso wazo njengoba sezizongenela izikole namabhizinisi.
Khonamanjalo, ngesonto eledlule, uNgqongqoshe wezobuLungiswa eZimbabwe, uZiyambi Ziyambi, uthe uhulumeni waseZimbabweangeke aze azikhokhele izindleko zokwelashwa kwezakhamuzi zaseZimbabwe eziseNingizimu Afrika.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)
