
Inhlangano efuna usizo lwezempilo lukahulumeni lubekelwe abantu baseNingizimu Afrika kuphela isole iKhomishana Yamalungelo Abantu yaseNingizimu Afrika ngokubeka izidingo zabantu bangaphandle abangenazo izincwadi phambili.
Amalungu e-March and March Movement azwakalise ukukhathazeka kwawo ngesikhathi ebhikisha emahhovisi ale khomishini eThekwini izolo.
Leli qembu belibhikishela ukuthi abokufika abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli bangalutholi mahala usizo lwezempilo lukahulumeni.
OLUNYE UDABA: Kunemashi ephikisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho eThekwini
Yize kunjalo, i-SAHRC ithi izinsizakalo zezempilo ziyilungelo eliyisisekelo wonke umuntu unelungelo lokulithola.
UTerresa Nortje ungomunye wabahleli bemashi, uthe banikeze ikhomishini izinsuku eziyishumi ukuthi iphendule izimfuno zabo.
“Kufana nokuthi babeka abokufika ngaphezu kwethu. Esinye sezizathu esenze saya khona wukubazisa ukuthi ngeke sisayimela le nto. Isikhulu esiphezulu sithathe imemorandamu yethu sayisayinisa.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)
