Ungqongqoshe wamaphoyisa ongenayo uthi iKZN izoba seqhulwini ezinhlelweni zakhe

Ibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uFiroz Cachalia, lithi iKwaZulu-Natal izoba seqhulwini ohlwini lwezinto ezibalulekile uma engena kule sisikhundla emasontweni amabili.

Isigaba sokuqala, okuwukuhlangana noKhomishana kazwelonke. Uma sengikwenzile lokho, sizobe sesibonisana ngokuthi yiziphi izinyathelo ezilandelayo.

OLUNYE UDABA: Kuqokwe uCachalia njengeBamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa

“Okwami ukubona kufanele ngibeke iKwaZulu-Natal eqhulwini naye futhi kufanele sivakashele isifundazwe ngokuhlanganyela njengento eseqhulwini futhi sithathe izinqumo ezithile,” kusho uCachalia.

UMengameli Cyril Ramaphosa uqoke uCachalia ngemuva kokubeka uSenzo Mchunu elivini eyisipesheli ngezinsolo zokuthi uyagxambukela ophenyweni lwamaphoyisa.

Njengamanje uCachalia unguSolwazi wezomthetho kanye noMqondisi weMandela Institute eWits University.

Lo Solwazi oneminyaka engu-66 ubudala uphinde abe ngusihlalo weNational Anti-Corruption Advisory Council.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)