
UMasipala weTheku ugqugquzela abafundi abangasebenzi eDolobheni ukuthi bafake izicelo zoHlelo IGraduate and Work Integrated Learning Internship Programme ka-2025/26.
Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuthuthukisa abantu abasha abangakaze basebenze ngokubahlinzeka ngemisebenzi, amakhono kanjalo nokubabonisa okanye ukubanika umqondo ngemikhakha eyahlukene.
Izicelo sezivuliwe, kanti labo asebagogoda bathola iziqu zabo bayakhuthazwa ukuba bangaliyeki leli thuba ukuze baqale imisebenzi yabo.
Usuku lokuvala lokufaka izicelo uLwesihlanu, 11 July 2025.
OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abafuna umsebenzi ngemikhonyovu eku-internet
Lolu hlelo luhlinzeka ngenkundla yokukhulisa, ukufunda kanjalo nokubamba iqhaza ekuthuthukisweni kweDolobha emikhakheni eyahlukene ehlanganisa ubunjiniyela, ezezimali, isayensi yezemvelo, i-ICT, kanye nokuphathwa komphakathi phakathi kokunye.
Abaphumelele bazofakwa eminyangweni eyehlukene isikhathi esiyizinyanga ezingu-18 kuye kwezingu-24, bathole ukuqeqeshwa ngokomsebenzi kanye nolwazi lokusebenza.
Ngeminye imininingwane yokuthi usifaka kanjani isicelo, cofa ilink: https://tinyurl.com/3a64b7n4
Imibuzo: 031 322 2460 / 031 311 3924 / 031 311 3183 / 031 311 3192
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
